Sibiyaa
1 Clan under Sibiyaa
Sibiyaa (General)
Zulu
Ndaba wakoMkhulu, Gumede kaNdaba Qwabe kaMalandela Gazu kaNdaba Sibiya nge Nkomo abafokazana bebiya ngamahlahla Mnguni Gazu kaNdaba kaMalandela kaLuzumana kaMnguni kaYeyeye kaGumede kaNdaba kaNkosinkulu kaZulu kaNtombela kaLubololwenja kaMdlani kaMtungwa kaMusi kaMhlanga Hlangalwabenguni uNguni wadabuka eMhlangeni Mqeku kaMdladla, umahlomehlathini njengohlanya Manyelela okwentombi iyesokeni Khomo, Myende, Phambuka Khathi, Mbende, Nandisa Duze, Seyama Nina bakwa nkomo isengelwa emaweni, ingasengelwa esibayeni akuyona eyakhona, Mkhananda owafinyelela kubalondolozi, wemuka nogodokazi wayeMfolozi, kwaHhiya kwabanani? Okwaphekwa esendlini kwaze kwephulwa esendlini engazange afe kufudumala. Sotobe Mgxebe kaYotho Ngobe Skhobobo kaMabhabhakazane Magamanxane Nogwaza kaNgobe, Wayihlaba wayijikijela, impi yemikhonto Ndaba wakoMkhulu. Gumede. Mina ngazi ukuthi indlu yakwaSibiya NgeKhomo indlu enkulu kubeNguni eyasungulwa unkosinkulu uLuzumana eBabanango. Kuzalwa kuyo uMalandela inkosana kanye noZingelwayo uthunjana. uMalandela, inkosiyezwe wazala uNdaba (Zembethe). uQwabe umzale kwenye indlu. Inkosana kaMalandela uNdaba, kodwa uQwabe wabuthatha ubukhosi waya oNgoye. uNdaba yena wasala koMkhulu eBabanango. Umuva kokufa kukaNdaba noQwabe, ubukhosi babangwa uGazu, umuzi wakhe kuseShowe, kanye noSimamane, umzukulu kaQwabe