Ntsimango
1 Clan under Ntsimango
Ntsimango (General)
Zulu
Ntsimango, Nomfolozi, mkhondo kawulandwa, wena othi ukuya phambili ukuya emuva, nduku zinobulongwe, maseng'asileke, Masumpa obamele njengomthakathi ezimpini, wena owaphambana nenkomo iyolumba, singabaka Tshani(bezwe) buyizife ezimpini, isizukululwane sika Josefa, sika Luwelile, sikaMawala, Ngwane kaNgwadi, Zikhali ezingafani nezabafokazane. singabeGwalagwala lakithi uMatiwane iNkosi etshala uhlamvu lumile ngalesosikhathi. Uzulu liyasa liyasibekela, Sangweni, sangwelibanzi elingawelwa, liwelwa zinkonjane. Singabegwalagwala elimadolo abamvu uMatiwane owatshala uhlamvu lwamila ngaso lesosikhathi... Elakha ikhasi laMambo uMthimkhulu