My Family Browse Surnames Sign In Join Free
BrowseN → Nsizwane
Nsizwane
Nsizwane (General)
Zulu
0 followers
nsizwane mnguni mzimela kheswa! lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane zona ezindiza phezulu ndlubu ezamila emthondweni ngabe ensimini zesabani? zesaba ukudliwa. abanguni abaluhlaza njengenkwindla luza lumacocobela, abaluhlaza njengetshe lamanzi, abakwa mancomane enhla nempofana isizukulwane sikamnyamane owanyamalala esiswini sikanina esefikile amabutho kashaka, uhumbulani umphekulajozi amahlubi angelengele anzipho zinde ngokuqhwayana unyokana eluhlazana umanqamula ngendlela kusabalale icala, ucala kalipheleli ongwengweni liphelela phambi kwezihlalo zamadoda amakhulu!
Share