My Family Browse Surnames Sign In Join Free
BrowseM → Mncube
Mncube
Mncube (General)
Zulu
0 followers
Khambule, Mzilankatha, Inkatha kayingen' endlini, yengena kubola izinkaba zabantwana,Nina bakaNkomo zilal' uwaca,Ezamadojeyana zilal' amankengana,Mlotshwa,Malandel' ilanga umaliyoshon' emaNcubeni,Mpangazitha, Magasolo,Nina basebuhlen' obungangcakazi,Abadl' umbilini wenkomo kungafanele,Kwakufanel' udliwe ngabalandakazi,Nina bakaDambuza Mthabathe,Nina basemaNcubeni enabalekel' uShaka naziphons' emfuleni,Kwakhuz' abantu benifihla, naphenduk' abakaKhambule,Nafik' eSwazini, naphenduk' uNkambule,MsuthuMncube onsundu ngezinyawo zakho,Wen' oyithath' iNkosi uyibek' enhlabelweni,Nina baseSilutshana, nin' enakhelana noMbunda,Nina bakaMaweni, Nzimande, Mncaphayi, Shezi, Malangatshaupdated by: GM Mncube (09 March 2009;Pretoria;SA)e-mail: mbongenimnc@webmail.co.za  Abantu basemaNcubeniungababiza Mncube, Ncube noma ke Sincuba iqiniso kusengabantu ababodwa laba.Labantu badabuka eLusuthu esizweni lesi sabeSuthu okungakuthi nabobangabeSuthu. Sibathola bona sebezinze laphaya entabeni Intabazwe (Harrismith)nasoNdini (Underburg), Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulababantu nguye uMncubeuqobo. Yena wazala uMzilankatha owazala uMlotshwa yena wazala uSiyobi owazalauMadlozi. Bafike kuleli lakwaZulu lisengelakwaMthethwa lonke leliyazweelingaphesheya kwemfolozi ngaselwandle. Futhi abakwaMthethwa ibona ababayisizwe esikhulu nesiphethe zonke izizwe zabeNguni ngalesosikhathi nesakwaZulusingakagqami sisesincane uma siqhathaniswa nalesi sakwaMthethwa. IzwelakwaMthethwa labe lilikhulu kakhulu lisuka eMahlathuze eningizimu lenyukalibheke lena oBonjeni enyakatho. Ukuze behle ezintabeni zoNdi beze kulelieligudle olwandle kwenzeka ezweni likaMthethwa laphaya enyakatho nalo laphayaeMalaleni okuyindawo namhlanje esiyaziwa ngokuthi ikwamNqobokazi kwathelekainsizwa  yakwaMsane egama layo kwabekunguMalombo. UMalombo lona wavele wangakhuleka eNkosini ukuba athole indawoyokwakha wazakhela ngaphandle kwemvume. Abantu bendawo babethi uma bembuzaukuthi ungubani? Uvelaphi avele ahoshe intshasi (Isipunyana esibazwe ngokhuniokwakubhenywa ngaso ugwayi wamakhala) esinquthu sakhe bese esifaka esangangwinilakhe qede antongle bese etsaka phansi amathe, lawomathe wakhe athi habaMthethwa. Abantu bahamba bayobikela izinduna zenkosi uKhayi wakwaMthethwa nazozahamba zayobona lomhlola womuntu. Sezizibonele nazo zahamba zayobike eNkosiniuKhayi kwaMthethwa. Inkosi yathi uma izwa lokho yase ikhipha izinduna zayoukuba ziyobona lomhlola womuntu. Kwaba ukufika uMalombo wakwenza adume ngakho.Inkosi yathumela uNdunankulu wayo owaphelezelwa ibandla umfo kaMsane ezihlalelephezu kwesigqiki esabe sikhandwe ngelala. Wayehleli nabantu bakhe.AbakwaMthethwa bafike babingelela base bebuza ukuthi baliqhamukisaphi nezwe,abantu ababehleli naye bakhomba yena uMalombo. Induna enkulu nebandlaeyayihamba nalo baya kuyo lensizwa yakwaMsane. Bafike bathi ithi iNkosiyakwaMthethwa asizokuzwa ukuthi ungubani futhi uvelaphi usuwakhe ezweni layoingakaze ikukhonzele ukwakha kulo. Kulelibandla lwakaMthethwa kwakukhona noMviyaphawakwaNcanana isibongo sakhe. Lensizwa enguMalombo yahosha ishungu layoyalicobelela njengokwejwayelekile athi' Baba Mthethwa'. Induna yahambayayobikela uKhayi. Waze wambikela ukuthi amathe akhe athele uMviyapha. Inkosiyathi awu Ncanana uyavilapha usuze uthelwe amathe akhulumayo ukusukanjeusunguMathe. Inkosi yathi akuphunywe kuyofunwa umuntu ongabazisa ukuthi bahlulelomuntu. Izinduna zacinga zaze zayofika ezintabeni zoNdi. Bafikela enduneniyaseMaNcubeni okwabe kunguDumbu kaNtunjana wakwaMsweli sebemchazele ukuthibahamba ngani wahamba wayobikela Inkosi uSiyobi kaMthombeni. Bayichazela indunangesenzo esibaletha lapha ezintabeni. Leso phela kwakungamathe kaMalombowakwaMsane owayenamathe akhulumayo. Inkosi yabapha inkabi enkulu enkomoabakwaMathethwa eyathi abayihlabe bayidle. Ukunokuba bayihlabe bona bacelaukuyobonana neNkosi kuqala baxoxe nabo loludaba. Yabavumela Inkosi base beyaphambi kwayo. Yabiza isizwe sayo ukuba sizoyizwisa isehlo lababantu basoLwandleabahamba ngaso. Bachaza ke yase ithi inkosi yakwaNcube hho Izizimbane lelolaseMozambique ngeke nilenze lutho. Yithi beSuthu esingalinqoba. Ngakhoyekelani kimi ngizonisiza ukunixoshela lomuntu. Yabe isithi  abayihlabe inkomo ukuze benze umphako. Yabeisibanika inkosana yayo okwabe  kunguMadloziukuba ahambe nabo. Yabachazela ukuthi uMadlozi lona nguye oyoba inkosi emvakwayo. Izinduna zabuyela kwaMthethwa zafike zabika enkosini ukuthi zibatholile.Futhi zachaza ukuthi izinsizwa zakhona zingamabhubesi uqobo. Kwaphelaizinsukwana atheleka amaviyo akwaNcube eholwa nguMadlozi noDumbu kaNtunjanawakwaMsweli owayeyinduna enkulu. Inkosi yakwaNcube yagcizelela ukuthiamabhubesi ayo engelekelwa ayolwa wodwa. Ekufikeni kwabo inkosi yakwaMthethwayathi abakhiswe laphaya phezu kweFilidi. Kodwa bona bacela ukuyokwakhelana nayeumfo wezizwe ababeze ngaye kwaMthethwa. Bathi benzela ukuthi bahogele iphungalakhe. Bakhiswa phezu kwesiwa intweni. Bakha lapho umuzi uMadlozi owawuqambawathi iseMzingazi. Bahlala izinsukwana base bethumela uMsweli kuye uMsane.Wafika wenza adume ngazo zamathe. Umsweli wahamba wayobikela uMadlozi. WadinwauMadlozi wathi abahambe beyomtshela ukuthi sekufike amaZilankatha athiazokwakha kulendawo akhe kuyo, ngakho athi akasuke ahambe kulendawo. Kuthiwawabahleka usulu wabuza ukuthi kusuke bani, wakhile yena lapha ngakho abakhohlweilensambatheka abayisho kuye. Badinwa abakwaNcube bacancatha izikhali zabo.Qede bathumela kuye ukuthi bamnika izinsuku ezinthathu ukuba zithi ziphela ebeengasekho. Umsane wabaphendula wathi ababuyele kobathumileyo bamtshele ukuthiwelulile uma ekhuluma ngezinsuku ezintathu yena uthi ezimbili ukubala loluababefike ngalo kuye. Ngakho wathi ngakusasa uma befuna impi ayibambane. Babuyelaemuva oMsweli bayobikela uMadlozi yena wathumela enduneni yakwaMthethwaukuyazisa ukuthi impi umfo wamathe uyifuna kusasa lokhu okusayo. IndunayakwaMthethwa yaqoqa amabutho ukuba alungele ukuyolwa ngakusasa. Kodwa InkosiyakwaMthethwa yabakhumbuza ukuthi inkosi yaseMancubeni yathi bengabaxubiabakwaMthethwa nabakwaNcube uma sekuyoliwa. Ngempela abakwaMthethwa sekuliwabahlalela kudana bangaya ukuyolwa. Yabambana laphaya ngaseNtabeni Ubombongalapho okukhona khona umbhoshongo womsakazo. AbakwaNcube babehambanezintokazi zakhona ezaziholwa inkosana kaSiyobi ogama layo kwabe kunguNtindili.Yiyo lena eyayichela impi yakwaNcube yayibaphohloza ngezagila ingayiphetheimikhonto. Bebona kunzima abakwaMsane babaleka benyuka balibhekisangaseMozambique yabhuqa eyakwaNcube. Sebefike laphaya ezikukweni eliwelela laphayaeMozambique bathola ukuthi lalingekho izibuko ngalesikhathi. Bavinjwa izihlahlayase ithi induna yakwaMthethwa abame manje oNcube kushaye abayo. Yabangenelangemikhonto kwaba bomvu isisiziba. Khona ezibukweni kwatholakala umfanaowaziphonsa izithonto esihlangwini sensizwa yakwaSangweni. Babayathe bayamgwazauSangweni wavika wagoqana, iNduna yathi akabanjwe lomfana. Base bembuza ukuthiungowaphi wathi ungokaMalombo wakwaMsane. Wathathwa kwabuyelwa naye kwaMthethwawangabulawa. Igama lakhe lowomfana kwabe kunguNxaba owagcina esezale iqhaweokwabe kunguMbekane. Nalu uzalo lwakhe olunye laphaya phesheya koMfoloziendaweni eyaziwa ngomuti ikwaMsane namhlanje, eMtuba. Inkosi yakwaMthethwa yabeisithi uMadlozi akasezubuyela emuva ezintabeni zoNdi. Yamsikela isifunda ukubaalibuse njengenkosi hayi induna. Umncele wakwaNcube okaMadanga wawumisakanjena. Ukusuka laphaya phezu kwechibi eliphezu koMtuba elibizwa ngomutiiMajamisa, bese leyehla njalo ngeMfolozi lise lifika ebhilinjini lesitimelaeHic Lifike lapho lihambe lize liyofika laphaya esihlahleni esikhulu okuthiwakuseSikhuhlaneni. Umncele ke lowo wakwaMncube nowakwaMdlala. Bese lehla libhekephansi eMathokotho olwandle. Lehle liqonde ezansi lapho uMsunduze ungena khona Olwandle.Zikhona izikhonkwane lapho ezafakwa khona uMshiqeka esedweba imincele kabushaemva kokuphela kwempi yeSilo uCetshwayo. Kuphindile futhi emva kwemi kaDinuzulukaCetshwayo naZibhebhu kaMaphitha izwe lakwaNcube lase lidliwa ngokugcwele. Abamhlopebalidabulela amasotsha. AbakwaNcube ngaleyonkathi babeholwa nguSomhlolakaNonkatha kaSogejana. Bathi akasuke akhuphukele laphaya kuKweyana okuyindawouma uya ngaseMkhuze. Wathumela ukuba ayobizelwa umfowabo okwabe kunguMaphofukaMkhatshwa kaMaguya ukuba azobonisana naye ngalesisihluku asenqwamana nasokwabamhlope. UMaphofu watshela ukuthi baqale kuye abamhlope babuza ukuthingubani umNumzane ophethe leyandawo. Wayesebatshela ukuthi nguSomhlola. UMaphofuweluleka uSomhlola ukuba avele asuke anyukele khona kuNkweyana bangazebambulale abamhlope njengoba base benzile eNtembeni babulala uMntwana uSthekukaMpande owayeqophisana nabo bemsusa lapho owayakhe khona. KwaNcube kwakuzalwaamashinga neziqhwaga zoqobo. Umapholoba owayengesinye sesiqhwaga zakhona wathikade beye enqineni kukhona nezinsizwa zakwaMthethwa nazo zabe zimesabisaokwenyoka. Sebebuyela emakhaya bahlala phansi endleni baphumula. Umapholobawabona intombi enhle komunye umuzi wayesethi ezinsizweni ayehamba nazo uyabuyausayokhuluma nayo. Wathi uma esebuya waqhamuka izinsizwa lezi zenqina zigwazaisihlangu sakhe ayesishiyile. Zazisigwaza zibe zikhuza isiqubulo. Kwabaukuqhamuka nje zavele izinsizwa zasukuma zahamba. Waphatheka kabi uMapholobangalesisenzo.  Okwamdina kakhulu ukuthinabakubo babekhona nabo begwaza lapha esihlangwini sakhe. Wathi uma efikaekhaya wathatha izintombi zakhe ezimbili wajokola nazo wahamba waze wayowelaumfula uThukela. Laphaya phesheya koThukela wafika wagoba amadlangala.Akuphelanga sikhathi esingakanani washona. Ushona nje enye yezintombi uyishiyaisizithwele. Lena enye yavele yabuyela emuva yashiya lena okwasekuhambeka kanzimakuyo ngenxa yesisu. Yafika ekhaya emaNcubeni yabika ukuthi akasekho uMapholoba.Kwasuka abafowabo bahamba bayomlanda ngehlahla lapho ayeshonele khona. Baficalena enye intombi eyabe isele isiqhinekile ukuzithwala base beyicelela komunyeumuzi owabe ukhona endaweni. Kulowomuzi bamfaka exhibeni lakhona uMlobokazilona nowafike wabe ebeletha umntwana. Igama lalowomfana wethiwa kwathiwanguMaxhibana uMaxhibana nomama wakhe babuyela emuva kwaNcube eMtuba. Sonkelesisizwe esilaphaya ngakwaSomkhele siphuma okhalweni lwakhe uMaxhibana.Ungukhokho koMnuz Tim Ncube oyiNtatheli emkantshubomvu neyaziwa izwe lonkelakwaMthaniya esizinze eDukuduku. UMaxhibana wazala uMeveni noGunda. UGundangeshwa washona esengumfana engakabi nabo abantwana. Wabulawa umfanawakwaMthethwa ogama lakhe kwabe kunguMnukeni. Babeqhathwe ngunina kaMnukenikulandela ukuthi uGunda wayekade eshaye abafana bakhona kwaMthethwa ngobabededele izinkomo zangena ensimini yakwaMnguni, Unina walabafana waphikelaamadodana akhe ngokuthi athi awamadoda alutho umuntu angasaha izingane ekhonaqede engenzi lutho. Undukwana owayengomdalda wayemesaba uGunda ngoba wayekewambhaxabula ngenduku waze wayomphonsa eziseleni bebanga intombi yakwaMcambilaphaya ngasePhathane ababeshela. Wagcina eyithathile uGunda leyontombi. Nangoke uMnukeni esevele ethatha ummese emva kokuzwa amagama kanina waqondakwaMthethwa lapho kwakuhlala khona uGunda. Wangena ekuseni kusemnyamaowayezalwa lapha kwaMthethwa. Wabafica begubuzele wehluleka ukubehlukanisa.Wabe esebingelela umzala wakhe. UGunda waphakamisa ikhanda wase embona wamgwazawamjuqa khona lapho. UMbomvana wakhona kwaMncube yena wathutha wayokwakhanabantu bakwaButhelezi. Waphatheka kahle kwaButhelezi baze bakha ubuhlobobokuganiselana nabo, kwakuliqhawe leli. Ngobuqhawe bakhe wazakhela ugazieSilweni eCetshwayo nesagcina samsondeza eduzane kwaso. Kwaku uyena kuthi umalibalele enzele iNkosi umthunzi ngamahlahla. Ngelinye ilanga esekhathele, elambileebambile ihlahla lawela phezu kwekhanda lenkosi. Izikhulu zadinwa zashoukumqeda zithi ubulala Inkosi. Waphulundlela wabaleka. Bahubha waze wayongenaemzini weNkosi oNdini. Wathi ethi uyafika khona wafica kunezinsizwa ezabeziganga ngezingane zeNkosi. Wafike wavulela isibhaxu wabashaya babaleka. Izinsizwalezi ezabe zimjaha zamfica ematasatasa evikela izingane zeNkosi. Wazichazelaukuthi laba abashayayo ubafice beganga ngeziNgane zeSilo. Bahamba bayobikelaIsilo ngomsebenzi owasewenziwe nguMbovana. Isilo uCetshwayo sambonga ngokuthisithi simnike indawo yaseSlutshana, eNquthu. UMbovana owazala uMaweni owazala uMgombaneowazala uMsimbu-yena wazala uFelani. Ngeshwa iNkosi uFelani yabusa isikhathiesincane ngoba yasheshe yaakhothama. Namanje uzalo lwakhe uMbovana lusatholakalakuleyondawo. Lunobukhosi nosekuyibona kuphela bukhosi bakwaMncube obusaphilayolapha kwaMthaniya kulandela ukuthi obukaMdlozi okuyindlu enkulu yakwMncubebagcina buhlakazwe ondlebezikhanya ilanga. Abantu abakwaMncube bathakazelwakuthiwe Mzilankatha , Mlotshwa, Khambule, Ngonyama, Dludlu. Nokho kuzoezizithakazelo abanye babo sebezisebenzisa njengesibongo sabo. Izibongo eziphumakwaMncube nguMlotshwa, Khambule, Khubisa, Dludlu noSibisi. OSibisi kodwa bona bagcinesebephuma kuMlotshwa. Kanjalo uDludlu noKhubisa baphethe sebephuma kuKhambule. Akesibazalanise ke abantu bakwaMncube, UMncube wazala uMzilankatha yena wazala UMlotshwaowazala UMthombeni yena wazala uSiyobi owazala uMadluya, Mbovana, Khambule. UMadloziwazala uNdaba yena wazala uNgonyama owazala uSogejana noMaguya (Mankomboya), Usogejanawazala Nonkatha owazala uSomhlola noMapholoba. UNonkatha wazala Mkosi owazalau-Jeremiah. UMapholoba wazala uMaxhibana owazala UMeveni noGunda. UMeveniwazala uHunu owazala inkosazana yakhe okunguSindisiwe, ngu-Zachariah, nguBusisiwe, nguTim, nguJabulani, uMsawenkosi kanye noSibusiso. UMaguya(Mankomboya) kaNgonyama wazala uZinsongo noMkhatshwa. UMkhatshwa wazalauNdumeya no Maphofu. UMaphofu wazala Nyanda yena wazala uNkiyankiya.  Indlu yaseSlutshana UMbovana owazala uMaweniowazala uMgombane owazala uMsimbu-yena wazala uFelani (owabusa isikhathiesincane washeshe wakhothama) yena wazala uHlangabeza- ozala iNkosi uNkanyisoosabanjelwe ngunina uNdlunkulu uHlelaphi (2009).  Abantu bakwaKhambule nabakwaKhubisa  Abantu bakwaKhambule baphumakwaMcube. Eqinisweni uKhambule bekuyisithakazelo bekuthi uMcube kube isibongo.Kodwa uzalo lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi kaMthombenikaMlotshwa kaMzilankatha kaNcube lona lwanquma ukusebenzisa igama lakhenjengesibongo. Kwase kuba ukuvela kwesibongo  sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathiinkosana yakwabo okwabe kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholelekhona izwe esizweni sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifaokungelakhe. Kwaba ukulithola wathutha ezintabeni zoNdi walibhekisa ezansi kwelamXhosa,wafikela endaweni eligudule eyabe inesomiso, Izinkomo zafa zaphela indlala.Wanquma ukubuyela kuyise eyocela ezinye futhi izinkomo, nebala wafike wamnikafuthi. Nazo zafike zafa zonke kuleyandawo ayakhe kuyo. Wathi uma esebuyelaisithathu manje uyocela futhi kuyise wakhuza wababaza manje athi awu kanti wenausunguKhubisa ke wase ephuma eseyokwakha umuzi wakwaKhubisa. Kodwa wabadonsa ngendlebeukuthi baze bengaganani nabantu bakwaMncube ngoba basengabantu abababodwa.Wabatshela ukuthi uma beke baganana bayozala izilima. Uzalo lwakhe lwehlukanaphakathi kwaba khona oluzibiza ngoKhubisa kanti olunye lona lwazibiza ngoKhambule.Lapha kuKhambule kubuye kuphume abantu bakwaDludlu abangahlobene noDludlu Ndanisa.Laba babizwa ngoDludlu okwabe kuyindodana kaKhambule. LoDludlu wazala amadodanaakhe alishumi nayedume ngoba iziqhwaga. Uzalo lukaDludlu njengamanjelutholakala laphaya oGwini ezindaweni ezakhele i.e Portshepstone. Abanye abantubakwaKhambule sibathola bona sebakhe laphaya eSwazini. Bayisizwe impela esiningikuleliya likaMswati. Bafike kuleliyazwe beholwa nguMlambo kaKhambule. Ngenkathilabantu bakwaKhambule beya eSwazini babehambisana nomhlobo wabo okwabekunguShalibebe owabe ezalwa nguNgonyama kaNdaba kaMadlozi waseMancubeniowayesuke lena eDukuduku. Ngenkathi befika eSwazini bafike kubusa IngwenyamauNdungunya ongakaze abemukele ezweni lakhe. Babaleka bakhumbula ukubuyelakuleli likaMthiya. Isenzo sikaNdungunya sabaphatha kabi lababantu. Bamfanisanemfolozi emnyama eyayibemukisa nezingodo. Bathi uma befika kuleli bahambaphakathi ngoba abanye basuka bayokwakha laphaya eMpolweni okungumfudlanaosenyakathi nomfula uMngeni. Belapho babehlala becabanga ngesenzo senkosiuNdungunya owabaxosha kabi ezweni lakhe. Belapho sithola inkosi yabokunguMpambani (Mbusi) kaMbozane kaLubombo. Ake sibazalanise oKhambule UKhambulewazala uMlambo yena wazala uLubombo owazala Mbovane yena wazala Mpambani(Mbusi) ABAKWAMLOTSHWA Abanye abantu bakwaMncubebanquma ukuzibiza ngoMlotshwa okungenye yamakhosi akhona amadala. UMlotshwawabe eyindodana kaMzilankatha kaMncube. Nakuba UMlotshwa lona kwaMncubeesebenza njengesithakazelo kodwa abanye bendlu yakhe uMlotshwa bagcinasebemsebenzisa njengesibongo. Abantu bakwaMlotshwa sibathola ekusukeni nabantubasemaMbatheni ababakhe kwaHlazakazi kanye nabakwaMthembu. Kubo lababantu kubesekuphuma abantu baseZibisini zakwaButhela, ezimlom' ubomvu nabantwana bazo,Izibisi zakwaSikiti sengimpongo yembuzi, kunabanye abantu bakwaMlotshwaabazibiza ngokuthi bangabakwaNkabini.Edited by Buyiswa Makalimamabuyie@yahoo.com 
Share