Browse Surnames + Add a Surname About Wakahina Sign In Join Free
Maphalala

Which Maphalala are you?

Nobody has recorded the branches of this family yet. A surname is shared across borders and languages — it's the clan that carries the region and the lineage. Mntimandze. Mabhengeta. Cele. If you know yours, you would be the first to put it on record.

Name your clan →
Partial is fine. Someone else can add the rest.
Branch not recorded
Zulu
Maphalala, msuthu, Ntsele, Muso, Muso waBhengu, Mzilankatha, Masingasilele, Wena uthanda ubisi, wena owehla entabeni ngesilulu, wena ongavali ngezivalo, uvala ngamakhanda wamadoda  ------------------------------------------------------Nyandzeni, Msutfu, MtilankatsaKweyamaBakaMaphalala abatsatsani nebakaGama nebakaNkambule BakaMaphalala batila inkhatsa  Khoza, Msuthu wasenkalanjane.Mkhondo, Thumbu Msuthu(edited:Ncanyana Maphalala)UMaphalala uzalwa uKhoza,uKhoza azalwe nguMsuthu,bonke-ke abantu bakwaMaphalala basuka esendeni likaMsuthu ngisho nalabo abaseSwazini naseVenda eduze kwaseThohoyando. Kwehlukana izindlu zabo uma usuka kuMsuthu. Laba bantu babebizwa ngabeSuthu baseNkalanjana naseMawusweni. Ukuthi Mawuso kusho indawo eyehlelayo ngesiSuthu, babehlala lapho ngaphansi kwamawa. ENkalanjana kuseduze kwaseDumbe lapho amanxiwa amaningi abantu bakwaMaphalala ekhona phezu kwentaba iDumbe. Ukhokho wethu uMlotha kaMehlwana kaNungwana wayeyinduna kaZikhali kaMatiwane kaMasumpa, inkosi yesizwe sakwaHlongwane. UZikhali wabaleka waya eSwazini uma kubulawa uyise uMatiwane ngo 1830 emuva kokuthatha kukaDingane ubukhosi bakwaZulu. UZikhali ibutho lakhe kwakunguMkhulutshana,wabalekela eSwazini ehamba naye uMlotho kaNungwana Maphalala eyinduna yakhe enkulu.ESwazini uZikhali waganwa yindodakazi kaSobhuza wokuqala. Kuthe kusahleziwe kamnandi kwezakala ukuthi amaSwazi ayesakha uzungu lokumbulala uZikhali,umkakhe wamluma indlebe. Waphindela kanjalo-ke eningizimu Afrika.Kuthe uma befika ngaseMnambithi lapho okwakunentatshana eyayibizwa ngoyise kuthiwa yiNtaba kaMatiwane(Matiwane's Kop),uTheophilus Shepstone owangunoBhala wezindaba zabantu kuHulumeni waseKoloni yamaNgisi(1843-1877),wathi isizwe saseMangwaneni esasiholwa uZikhali asiyokwakha lopho sikhona eduze kwesizwe samaZizi. UMlotha kaNungwana wayekhona,kwathi uma kufikwa eMangwaneni wanikezwa indawo lapho akho khona umuzi wakhe omkhulu endaweni eyagcina iqanjwe ngaye kwathiwa kukwaMlotha (eMalotha's Kraal) kusho abelungu behluleka ukubiza igama lakhe. Wagcina eshonele lapho esekuliplazi leBhunu uHaarmans.UMlotha wazala izingane eziyisishiyagalombili.Uma kukhulunywa nabadala kwenziwa umsebenzi wenkomo noma wembuzi kuthiwa:Maphalala,Khoza .Msuthu,Ndlandla,Thumbu, AbaSuthu baseNkalanjana,Abehla ngesilulu(kuqondwe ekufudukeni kwethu eNkabazwe ngamaPapyrus canoes hhayi izilulu zommbila),Abamazinyo ansansa, Abathi zibukuzana zani lezi na? Kanti zinqama, Abakasembatha mkhonto njengobhedu, NinabaseMawusweni Inkosi kayiqedwa..
Share