My Family Browse Surnames Sign In Join Free
BrowseM → Majozi
Majozi
Majozi (General)
Other
0 followers
Mqamu ,Gebedu, Sambula nkungu kuvele ilanga, Ndabezitha! Gwanyana - ngokugwany' amadoda. Mbhuli wangoni.  Wen' okamaphiliphili - owaphilisa umaCingwane engonyameni.  Ngciyela kanhlamvu-nkulu, ngcili zinde - ezithi zingabamfushane, ezomlandakazi.  Ludaba lukaTayi - wen' okaLuntshungu luka Ngoza.  Ukudla kunenhlanhla - umzimb' unesisila.Mabelemade wena owancelisa ingane ngaphesheya komfula, Mbhuli Mabhulangwe wena owabhula izingwe wabhula izingonyama, Ngoza Lukhozi. Maphiliphili mbheka phansi onjengesambane.
Share