My Family Browse Surnames Sign In Join Free
BrowseM → Madi
Madi
Madi (General)
Zulu
0 followers
IZITHAKAZELO ZAKWA MADI Ngalonde Zimba Mkhandela kaNdaba kaNdaba ka Maphanga Ngalonde Mkhandela kaNdaba UNdab'ehlasela ngezigaba zamabele, Abanye behlasela ngezikaNyawothi­­­.Wena womdidi wesigubudu Wena kaMpos'enkulu Wena kaZimase kaNdaba. Wena kaMangena ngezitho, Abanye bengena ngomcond'ekhaya­­­.Wena oqala ngezinja kand'eyebantwin­­­i ngokuphikelela Wena kaZimba elawela endleleni lacoshwa ngabazondeleli, Wena kaMasinga asilele njengomthakathi­­­,Wena owadla izinkomo zaseNgoje zagojeleka. Nina bakwasilwane nkunz'embili Enye yahlinzwa, enye yabola, Wena kamanakanaka, Wena kankuzi zimuka,zimuka zonkana, EzasoNdini nezasoThukela. Abakwasizila amasi bey' empini Abangaliwel'udo­­­nga bengalibukanga AbakwaLuvemvane­­­ olumanapha, AbakwaMkhandela­­­ wakhandela izinyawo zamadoda. Abakwa mkhonto kaZimba Owaduma ilanga libalele Abakwafud' olungezwa ukufudumala Zimase kaNdaba Oh Mkhandela bayede!!!! nina abakwathunga liyaphuphuma abankom'isengel­­­wa emaveni ezamanye amadoda esengela esibayeni nina abakwanhlanhla bakwa hubhu luhaqa Ngwane Zimba Mkhandela wena owagubhezela umuntu s' Ngalonde
Share