Izithakazelo zakwa Gulwako
The clan names and praises of the Gulwako family.
1 Clan under Gulwako
Ndabezitha, Mageba
NguniGULWAKO NDABEZITHA!!
Ngu Ndaba Gulwako, u Ndaba ka Mageba
Ndaba, nina baka Mjokwana kaNdaba
NguMuntu ovele ndubazi nendubazana
UNqwelamuva wawo Shaka
Mdayi! Usabela kwelaphesheya, isikhukhula sikaNdaba
Sikhukhula omame sabathatha sayobalahla ezinkwazini
Ezinkwazini zemifula, Ezinkwazini zothukela
Ngakwamfazi omabele made
oncelisa umntwana emephesheya komfula
Izimvubu zayikhexa imilomo,
Izingwenya zaphephelela ezintabeni
Izinq u zemithi zabheka phezulu
uMnguni wahlala phansi wavuma izindaba ezilukhuni,
ezikhulunywa yibo ba kwa Malandela
Bayede! Ndabezitha! Bayede! Ngwenyama!
Wena Ndaba ka Mageba!!
Branch not recorded
No praise documented yet — be the first to contribute.